![lirikku.id](/inc/logo.png)
Lirik Lagu Nxumalo nkosingiphile - Ubenakho Konke
By: Admin | Artist: N nxumalo nkosingiphile | Published: 2024-27-06T16:45:44:00+07:00
![Lirik Lagu Nxumalo nkosingiphile - Ubenakho Konke](https://i0.wp.com/file.laponta.id/img/uploads/lirik-lagu-nxumalo nkosingiphile---ubenakho-konke.png)
ubenakho konke, ubenakho konke
useqenjini labalindele imiphumela uthandazela ukuphumelela
akhumbule iziyalo zomfowabo wozalo luphinde lumshaye kancane uvalo
konke bebekukhathalela futhi nesikhathi besibavumela
izifiso abenazo ekhula bezinkulu, kepha ukusebenza ngokuzikhandla kwamhlula
ubuyekeza unyaka nezinto abezenza zigcwale amehlo
akakholwa nasi isehlo simehlela, akakholwa nezinyembezi zazehlela
uthi ngizenze mina ngaphila impilo ngijahile, sikhuluma nje uyasaba ukuphinda emumva, angithi kunemfula ayiwela ngenhlanhla
yazi, kunzima ukusebenza kanzima
khona manjalo ngapha omunye uthi; qalamaphansi, makungalunganga qalamaphansi
ilanga selishonile sekuhlwile, nesikhathi sokuvuna sesifikile
abanye bejabule udumele, ubona okuhlomulile
ikusasa liluvindi ubona impilo imile
ususele wedwa nabangani behlehlile
isikhathi sesambile nenqola yempumelelo isikushiyile
uqhuzukile namaphupho esefile
izitha zigiya zikubona usuwile
ngisho mina, mhla ungasasiboni nesidingo sokuthi uphile!
kulungile, makungalunganga qalamaphansi…
qalamaphansi, yazi akazuzanga lutho nalo owagcine eyekile
zithuntuthe vuka ubheke phambili, ukuhluleka kuveza ithuba lesibili
ungakhathali, qalamaphansi
Saksikan Video Lirik Lagu Nxumalo nkosingiphile - Ubenakho Konke Berikut ini..
Lirik lagu lainnya:
- lirik lagu johan lindell - passion drop
- lirik lagu phantasma - carry me home
- lirik lagu rogue soul - battlestar
- lirik lagu xxx (asia) - booty call
- lirik lagu queen kona - the cauldron dance
- lirik lagu freedom call - spirit of daedalus
- lirik lagu love-sadkid - tonight
- lirik lagu yung laced - luv my way
- lirik lagu tasché - die een
- lirik lagu foursquare worship - great things