![lirikku.id](/inc/logo.png)
Lirik Lagu Nxumalo nkosingiphile - Ipholela Ezandleni
By: Admin | Artist: N nxumalo nkosingiphile | Published: 2024-02-07T06:55:55:00+07:00
![Lirik Lagu Nxumalo nkosingiphile - Ipholela Ezandleni](https://i0.wp.com/file.laponta.id/img/uploads/lirik-lagu-nxumalo nkosingiphile---ipholela-ezandleni.png)
sake sayibamba nathi, ipholela ezandleni
sake sakhala nathi
zake zasidida nathi izinduku ohambweni
sake satshala nathi sangavuna ekugcineni
bake basincoma nathi saziphakamisa
impilo-ke le ngokuhamba kwesikhathi yasithobisa
basithembisa izulu besikhohlisa savuma nathi
kuze kube yinamuhla-ke sisakhala nathi
sake saqinisela nathi sihamba nokufa
sahleka kwavela elomhlathi ngaphakathi sigula
sake sazivalela egumbini sakhala kakhulu… singenakubonwa ngumuntu
sake sabona sengathi isikhathi siyasishiya
lempilo le! kw-ngathi-ke iyasihlula ukuyiphila
kwake kwaba sengathi ukuphila akukho lula
sake sakuzonda nathi ukukhula
kwake kwasihlula ukukhuluma, sancamela ukuthula
namuhla-ke kuyinamuhla sisakhala nathi
sake sayibamba nathi ipholela ezandleni
yazi, phela nami ezinye izinqumo engizithathile zingikhalisile
zingihambisile ikhaya ngilishiyile
kodwa-ke zingifundisile
zingikhombisile ukuthi phezu komhlabathi kuphakathi kokuthi, uwutho noma, awuyilutho
nani-ke ningakhali mabutho
lezinhlungu eniy’zwayo ngaphakathi zibhaleni phansi k-mhlabathi
lokhu enikuzwayo ngaphakathi umuzwa odlulayo ngokuhamba kwesikhathi
ningakhali nina nganezobaba vele nikhule ningenabo obaba
ningafeli ngaphakathi anokhuluma unizwe umhlaba
ningakhali vele nina nikhule ningenabo obaba ohh… nganezobaba kwathi angithi bukani ukusithela kwelanga kulez’ya ntaba
thumani lona lelolanga ukuthi linikhonzele emakhaya
makufika ub-mnyama anojabula vele lelo ibala lenu
lendlela vele ayikho lula kodwa… lona umhlaba wenu
sake sayibamba nathi, ipholela ezandleni
sake sakhala nathi
zake zasidida nathi izinduku ohambweni
sake satshala nathi sangavuna ekugcineni
Saksikan Video Lirik Lagu Nxumalo nkosingiphile - Ipholela Ezandleni Berikut ini..
Lirik lagu lainnya:
- lirik lagu mehki raine - from paris with love
- lirik lagu sg4lif3 - you & i
- lirik lagu barselona - charter
- lirik lagu emzy94 - man's not hot - no way
- lirik lagu casper tng - realism
- lirik lagu youngabibbo - tua nonna mi succhia sempre la cappella
- lirik lagu d jay - bo norr
- lirik lagu rick paul - on my way to you
- lirik lagu viini - affection
- lirik lagu midnight drive - cast away