Inhlupheko - Big zulu Lyrics
By: Admin | Artist: B big zulu | Published: 2024-28-09T16:27:59:00+07:00Lirikku.ID - Inhlupheko - Big zulu Lyrics: Halo Lirikku.ID, Dalam konten ini, kami menyediakan chord gitar untuk lagu "Inhlupheko - Big zulu Lyrics" yang dinyanyikan oleh Toton B big zulu. Dengan chord yang disajikan, pemula atau penggemar musik dapat dengan mudah memainkan lagu ini dengan gitar mereka sendiri. Kami menyajikan chord dengan akurasi tinggi sehingga pemain dapat mengikuti alunan musiknya dengan baik. Juga, kami akan memberikan informasi tambahan mengenai lirik lagu dan mungkin beberapa tips untuk menyempurnakan permainan gitar. Konten ini cocok untuk penggemar musik yang ingin belajar lagu baru atau bagi mereka yang ingin menikmati kesenangan bermain musik dengan gitar. Silahkan disimak Inhlupheko - Big zulu Lyrics Berikut Dibawah ini untuk Selanjutnya.
[verse 1]
sawubona mtanami
ngithemba okuthi uyaphila
ngokwe gama ngudoris
ngiyabonga usuze wa fika
mzukulu, leth’ amanzi
ukutheng’ icold*drink ngyafisa
kodwa ikati lilele ezikho
sibong’ umphefumulo masiphila
mtanami angixolise, ukuk’moshela isikhathi
okungezeka ukuthi umatasa
kodwa ngeke ngithath’ isikathi
mzukulu, awleth’ icansi
umalume ake ahlale phansi
angazi ng’zoqalaphi
kodwa ng’celi ukuqala phansi
mangithi ngiya bheka, umama ugqwele usizi
kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
mzukulu uyahlakula kukha’l igeja ugcwel’ insimu
sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
mtanami angikusho lokhu
mina ngazalelwa ukuhlupheka
ngiyinhlekisa emphakhathini nginana impuphu neshugela
abanye bathi ngiya thakatha
ngithule bengisukela
angiyazi injabulo
kodwa ezulwini ngiyokhululeka
[chorus: mduduzi ncube]
kuze kube nini, isimo singashintshi?
inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini
ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
we*jesu nguwe ithemba lami
yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
lobubuhlungu nesimo ngisamukele
imizamo yami iyophela kuwe
ngizophumula xa ndifika kuwe
[verse 2: big zulu]
intokozo, mina iyami inzima
njegoba ubona amathuna
bonke la ekhaya bangishiya
lomtwana omsehlana yena ubabakhe wamphika
kusele mina nemzukulu
masihamba kuyosala inxiwa
ngyazi isisho sithi “alikho ithuna lendlala”
lomtwana engimtetile, unina wamshiya ekhala
lona omdala uhlale ebuza “ukuphi umama?”
wahamba eyofuna itoho
akaphindanga wabuya ekhaya
mtanami, kunzima kunokuphela iviki ngadlile
ngikhalela umzukulu abuye eskoleni elambile
kodwa usebenza kanzima
ukuba nekusasa eliqhakazile
ukuthi uphuma enhluphekweni
kodwa ezifundweni udlal’ ephasile
eqinisweni, mtanami mina ngyafisa ubaba angithathe
kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
nali ithawula, mtanami
bengaqondile ukuthi ukhale
[chorus: mduduzi ncube]
kuze kube nini, isimo singashintshi?
inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini
ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
we*jesu nguwe ithemba lami
yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
lobubuhlungu nesimo ngisamukele
imizamo yami iyophela kuwe
ngizophumula xa ndifika kuwe
[verse 3: big zulu]
liyaphuma, liyashona
kimi akuna mehluko
yebo, ekukhuleni kwami nami
ngakhula ngina amaphupho
ngyathula nje, ngilalele enkozweni besho amahubo
isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo
kwakhala inyonini layikhaya basiqalekisa
amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise
bengaqondile ukudabukisa
ngyaxolisa mtanami, akuyona inhloso nje ukubalisa
namhlanje mtanami, asazi siyolala sidleni
into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni
ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni
kokunye nginokulala khona
ngivuke ngithengise ekuseni
kunzima mtanami, sidla imbuya ngothi
angilazi icala lami, emhlabeni ngiyi soni
kodwa sengivumile, injabula angiyitholi
angikukhulule mtanami uhambe ilang lingashoni
[chorus: mduduzi ncube]
kuze kube nini, isimo singashintshi?
inhlupheko, ngikhala eb’suku ne mini
ngothemba kuwe wedwa, mdali wami
we*jesu nguwe ithemba lami
yebo, kunzima, nethemba lingiphelele
lobubuhlungu nesimo ngisamukele
imizamo yami iyophela kuwe
ngizophumula xa ndifika kuwe
Saksikan Video Inhlupheko - Big zulu Lyrics Berikut ini..
Random Song Lyrics :
- dog - plainride lyrics
- засыпай (go to sleep) - pravada lyrics
- cold sun, warm beer - mike patton lyrics
- vert that - wrecko lyrics
- ego - bløf lyrics
- le faire mieux - fixpen sill lyrics
- knækker koden* - danni lyrics
- boer en sy roer - anton myburgh lyrics
- deadly - j*davey lyrics
- miss fortune (real, sagitta & love) - sasha grey as wife lyrics